UMhlongo ushaye leli hubo ngesikhathi eqhubeka ebambe uhlelo lwenkonzo yomngcwabo kaSenzo Meyiwa, ebanjelwe eCity Hall, eThekwini.
Ngaphambi kokuthi kucule uMhlongo, kukhulume u-Irvin Sihlophe okhulumele imithombo yabezindaba, wazwakalisa ubuhlungu ngokudlula kukaMeyiwa amchaze njengomngani wakhe.
Funda nalolu daba: UMeyiwa akalalanga uguqe ngamadolo
USihlophe uthe uMeyiwa ubehlonipha, enganqabi nakanye uma imithombo izama ukuxhumana naye, wathi ubenendlela abekwazi ukuxhumana ngayo nabantu.
Uqhubeke waduduza abalandeli be-Orlando Pirates, wathi abangakhali kakhulu, uNkulunkulu uzomveza omunye ozothandeka njengoMeyiwa.
Inkonzo yesikhumbuzo iyaqhubeka.