Share

Undunankulu akakhiphe umkakhe ehhovisi - IFP

Johannesburg - UNdunankulu waKwaZulu-Natal uSenzo Mchunu, kumele akhiphe ehhovisi unkosikazi wakhe osebenza njengeMeya emkhandlwini wasoThungulu, kusho iNkatha Freedom Party ngoLwesithathu.

"Uma undunankulu ezimisele ngokukhombisa ukuthi usebenza njengomholi oqotho, kumele abe yisibonelo akhiphe unkosikazi wakhe ekubeni yimeya," kusho ilungu lesiShayamthetho kwi-IFP uBlessed Gwala.

UGwala uthi unkosikazi kandunankulu uThembeka Mchunu, akasebenzi ngokugcwele emsebenzini ekumele engabe uyawenza, wathi uncelisa amawele.

Umsebenzi wamakhosikazi ezikhulu zikahulumeni, ukuqinisekisa ukuthi aba sehhovisi elibhekele umsebenzi wabayeni babo, kusho uGwala othi useke waluphakamisa lolu daba.

"USenzo Mchunu akaze alusukumele lolu daba olubhekene nesithandwa sakhe. Siyazi ukuthi ukube bekuyi-IFP, ngabe kade bakhuluma ngalolu daba."

UGwala uthi mkhulu umsebenzi ekumele wenziwe ehhovisi labashadikazi kanjalo nasehhovisi lobumeya.

Funda nalolu daba: i-DA ikhala ngoMchunu e-KZN

UNobhala Jikelele we-African National Congress uSihle Zikalala, uthi iqembu selike lahlanganisa amakhanda ngalolu daba.

"Udaba lwezikhundla ezibanjwe nguThembeka Mchunu kuke kwakhulunywa ngalo enkomfeni ebanjwe esifundeni iMusa Dladla," kusho uZikalala.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 946 votes
No! It's time to move on ...
33% - 465 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE