Durban - IKwasaBreakfastShow, Vuma FM ikhulume nowesilisa onenkinga yokungabi nabo ubuthongo.
UThokozani Mlambo uthi sekuphele amasonto amabili engabuthi qothu ubuthongo noma engazamini kuyefana.
UMlambo uthi noma engazama ukusheshe angene ezingubeni kuyefana futhi usebuya nakodokotela kodwa bathi ababoni lutho ungumqemane.
Uthi abantu abamkholwa uma ebaxoxela ngenkinga yakhe yokungalali noma engacisha kubemnyama endlini kuyefana, ubuthongo abufiki.
UMlambo uphinde wathi noma engathola amaphilisi okulala kuyefana ubuthongo abufiki.
Funda nalolu daba: Okhulelwe ucindezelwe yiloli ePMB
Ebuzwa ngabomsakazo ukuthi le nkinga yakhe imuphazamisa kangakanani empilweni yakhe uthe: " uzibona enamandla ngoba nasemsebenzi iyasebenza nje njengabo bonke abantu futhi akazeli nokuzela emini kanjalo nasebusuku abantu balala baze bavuke yena ebheke ngawo womabili."
Ebuzwa nangokuthi sithini isinqandamathe sakhe ngenkinga yakhe uthe: "Hhayi siyalala nje size sivuke siphinde sibuyele ebuthongweni baso noma ngingasivusa ngithi asingihlalise kungathi ngiyasihlukumeza."
UMlambo uthe ngokwenkolela yakhe akazifuni izinto zokushunqiselwa nakho konke ukuze alale, uthembe uNkulunkulu ukuthi uzomsiza ngoba ukholelwa kuye kakukhulu.
Umsakazi uphinde wambuza ukuthi ngabe ubekwazi ukulala ngaphambilini noma bekuvele kuyinkinga uthe: " Ubekwazi kanti futhi uyacabanga ukuthi le nkinga yakhe iyinto ethize esamnyonyobela engakazivezi."
Ungamsiza kanjani noma ngani umuntu onjalo?