Share

Ungamsiza kanjani lo onenkinga engajwayelekile?

Durban - IKwasaBreakfastShow, Vuma FM ikhulume nowesilisa onenkinga yokungabi nabo ubuthongo.

UThokozani Mlambo uthi sekuphele amasonto amabili engabuthi qothu ubuthongo noma engazamini kuyefana.

UMlambo uthi noma engazama ukusheshe angene ezingubeni kuyefana futhi usebuya nakodokotela kodwa bathi ababoni lutho ungumqemane.

Uthi abantu abamkholwa uma ebaxoxela ngenkinga yakhe yokungalali noma engacisha kubemnyama endlini kuyefana, ubuthongo abufiki.

UMlambo uphinde wathi noma engathola amaphilisi okulala kuyefana ubuthongo abufiki.

Funda nalolu daba: Okhulelwe ucindezelwe yiloli ePMB

Ebuzwa ngabomsakazo ukuthi le nkinga yakhe imuphazamisa kangakanani empilweni yakhe uthe: " uzibona enamandla ngoba nasemsebenzi iyasebenza nje njengabo bonke abantu futhi akazeli nokuzela emini kanjalo nasebusuku abantu balala baze bavuke yena ebheke ngawo womabili."

Ebuzwa nangokuthi sithini isinqandamathe sakhe ngenkinga yakhe uthe: "Hhayi siyalala nje size sivuke siphinde sibuyele ebuthongweni baso noma ngingasivusa ngithi asingihlalise kungathi ngiyasihlukumeza."

UMlambo uthe ngokwenkolela yakhe akazifuni izinto zokushunqiselwa nakho konke ukuze alale, uthembe uNkulunkulu ukuthi uzomsiza ngoba ukholelwa kuye kakukhulu.

Umsakazi uphinde wambuza ukuthi ngabe ubekwazi ukulala ngaphambilini noma bekuvele kuyinkinga uthe: " Ubekwazi kanti futhi uyacabanga ukuthi le nkinga yakhe iyinto ethize esamnyonyobela engakazivezi."

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 457 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 659 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.0%
Rand - Pound
23.91
-0.0%
Rand - Euro
20.41
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.33
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.0%
Platinum
908.05
+1.2%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE