Johannesburg - Njengoba yehle ngo-69 cents intengo kaphethiloli, kusanokudideka ekutheni ngabe lokhu kuchazani ngomnotho wezwe esikhathini esizayo.
Abanye osomnotho baxwayisa ngokuthi intengo kaphethiloli isazonyuka futhi ngesikhathi esizayo ngenxa yezizathu ezingadalulwanga.
Ukwehla kukaphethiloli kwamenyezelwa nguMnyango wezaMandla ngesonto eledlule, kwenzeka nje lokhu irandi lintekenteke uma liqhathaniswa neDollar.
OLUNYE UDABA: Uyanyuka futhi uphethiloli ngesonto elizayo
Usomnotho wakwa-Efficient Group uDawie Roodt uthi lezi yizindaba ezinhle kumanani ezidingongqangi, kepha kunongabazane wokuthi angase ahlale kuleli zinga akulo isikhathi eside.
“Ukwehla kukaphethiloli kuyizindaba ezinhle okwamanje, kepha ngikhathazekile ngokuzokwenza esikhathini esizayo.”