“Sisiphatha kabi lesi sigameko,” kusho okhulumela ungqongqoshe uLennox Mabaso esitatimendeni.
“Singuhulumeni nalabo abalahlekelwe sithi dudu ngoba le akusiyo indlela efanele yokuqala unyaka.”
OLUNYE UDABA: Umbani ubulale 6 KwaZulu-Natal
Umbani ubulale abantu abathathu asebekhulile ngaseVryheid ngoMgqibelo, kusho okhulumela i-Emergency Medical Services uRobert McKenzie.
Kwesinye isigameko, kushone abantu abathathu ngaseColenso, khona esifundazweni beshaywa ngumphezulu.
UMabaso uthe kunamathimba ezinhlekelele athe chithi saka isifundazwe ukuze akwazi ukusiza uma kuvela izinhlekelele.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho