Johannesburg - Umlisa ugwetshwe odilikajele ababili yiNkantolo eNkulu yaseBeaufort West ngoLwesine ngecala lokubulala, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.
UCaptain Bernadine Steyn uthe uNathan Meintjies, 28, uthole odilikajele ababili ngecala lokubulala kanye neminyaka emihlanu ngelokweba.
NgoJanuwari 22 kulo nyaka uMeintjies wagibelisa uJan Lowrens, 35, kanye nephoyisa elalingekho emsebenzi ngaleso sikhathi uWarrant Officer Glenwill Kelly, 43, kuDonkin Street, eBeaufort West.
"Wacelwa ngumufi ukuba ababeke ekhaya. Umsolwa wahamba ngoVaal Koppies Road, okuyilapho afike wathatha khona isibhamu sikaWarrant Officer Kelly sohlobo lwe-9mm. Wadubula uLowrens kanye ekhanda wabe esedubula uKelly amahlandla amahlanu ekhanda.”
Izidumbu zabo zatholakala ngelanga elilandelayo zitholwa yilungu lomphakathi eceleni komgwaqo owubhuqu.
UMeintjies waboshwa ngoJanuwari 23 emzini oseBeaufort West.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.