"Kusolakala ukuthi abasolwa abathathu abebehlomile bazame ukuphanga iloli ebithwele omakhalekhukhwini nama-laptop,” kusho uConstable Sibusiso Chauke.
Kuthe uma umshayeli ephuma emotweni, izigebengu zahlasela imoto yonogada ebiphelezela le veni.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe umsolwa washona eGoli
Omunye wabasolwa uhlulekile ukuhlohla isibhamu sakhe, unogada wadubula kuqala, wase eyalimala.
Abanye abasolwa ababili babe sebebaleka.
"Amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala, ukuzama ukuphanga nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho