Share

Unqatshelwe ibheyili owavuma ukufunza izingane iRattex

 Pietermaritzburg – Unqatshelwe ibheyili owesifazane owazivumela ngokwakhe ukufunza izingane zakhe umuthi wamagundane iRattex ngokusho kombiko.

USilindile Mtolo oneminyaka engu-20 ubudala wahlolwa isimo sokusebenza kwengqondo yakhe ngoLwesine ukuze kutholakale ukuthi uphila saka ekhanda.

Udokotela bathola ukuthi uphila saka ngokusho kommeli wakhe uJay Sundar.

UMtolo wacela inkantolo ukuba imdedele ngebheyili nakuba azivumela ngokwakhe ukufunza amadodana akhe uMelokuhle onezinyanga ezine ubudala noMthambo oneminyaka emibili umuthi wamagundane iRattex ayeyifake ephalishini lazo njengoba engeke ayithole imali yesibonelelo uma eqhubeka nokubhadla ejele.

OLUNYE UDABA:Umculi uthi yisiphukuphuku nje lesi asishaye eDBN

Izingane zisanakekelwa ugogo wazo.

Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeka ngomhlaka 16 kuJuni.

NgoLwesihlanu iMantshi imnqabele ibheyili uMtolo yaveza ukuthi yenzela ukuphepha kwakhe njengoba umphakathi ungase uvuke indlobane uma umbona esephumile ngemuva kwesihluku sakhe.

Leli cala libe selihlehlela umhlaka 27 kuJulayi.

Kusalindeleke umbiko ogcwele mayelana nesimo sempilo yezingane.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 425 votes
No! It's time to move on ...
36% - 236 votes
Vote
Rand - Dollar
19.02
+1.0%
Rand - Pound
23.82
+0.6%
Rand - Euro
20.42
+0.7%
Rand - Aus dollar
12.39
+0.8%
Rand - Yen
0.12
+1.1%
Platinum
922.60
+1.1%
Palladium
986.00
-1.9%
Gold
2,330.23
+0.6%
Silver
27.35
+0.7%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.8%
Industrial 25
102,531
-1.4%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE