Johannesburg – Uthisha waseKrugersdorp osolwa ngokushaya umfundi, 12, ngepayipi lensimbi esandleni udedelwe ngebheyili ngoLwesihlanu, kusho amaphoyisa.
"Ummangalelwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseKrugersdorp ngoLwesihlanu wase ededelwa ngebheyili. Icala libe selihlehliselwa umhlaka-23 Julayi,” kusho okhulumela amaphoyisa u-Appel Ernst.
Akazange asho ukuthi ibe yimalini ibheyili.
OLUNYE UDABA: Kuthethwa elikathisha owashaya umfundi
UMnyango wezeMfundo eGauteng ngoLwesine uthe lolu daba uluthathela phezulu kakhulu.
"Siyayigxea kakhulu indaba yokushaywa kwabafundi ezikoleni ngoba uMthethosisekelo awusayivumeli leyonto,” kusho okhulumela uMnyango uPhumla Sekhonyane.
Kuthiwa lo thisha washaya ingane yalimala kabi esandleni ngomhlaka-7 kwephezulu