Share

Uphume ngesamagundwane uMaimane ehambise amanzi

Johannesburg – Amaphoyisa kudingeke avikele aphinde aphelezele umholi weDA ePhalamendeni uMmusi Maimane ngesikhathi ephuma endaweni yaseTsakane ngaseBrakpan eGauteng ngemuva kokuqhuba umkhankaso wokuhlinzeka ngamanzi ngoLwesithathu.

UMaimane ubezoletha amathangi amabili amanzi emphakathini waseSection 17, kodwa iqeqebana labantu abeligqoke iziklibha ze-ANC lihhahhabeze uMaimane ngesikhathi efika.

"Hamba," kusho abantu.

Abanye abantu bebephethe izingqwembe besola iDA ngokubathengisela amanzi.

"Maimane hamba uyodayisela uZille amanzi akho," eminye imibhalo yabantu.

Isakhamuzi, uBila Ndou, sithe iDA yatshela abantu ukuthi abathathe ubulungu beqembu ngaphambi kokuba bathole amanzi.

Funda nalolu daba. Kushoda amanzi eGoli namaphethelo.

"Ibikephi iDA emasonto amathathu edlule amanzi singenawo,” kubuza uKabo Mhlazi.

UMaimane uthe amathangi amabili abekwe endaweni ephephile ngoba ubengafuni ukufufusa udlame.

Ukuphikile ukuthi iDA ibifuna abantu bajoyine iqembu lakhe ukuze bathole amanzi.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 26 votes
Hardly - I prefer streaming online
66% - 730 votes
Sometimes - it depends on the film release
32% - 350 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.40
-0.3%
Palladium
1,028.50
-0.6%
Gold
2,378.37
+0.7%
Silver
28.25
+0.1%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE