Share

Usana lugwilizwe emchameni lashona

Bloemfontein – Ngesikhathi owesifazane osolwa ngokucwila kwezikaFaro ehaqwe wubuthongo elele usana lwakhe luwile lwaphoseka ebhakedeni elinomchamo lagwiliza lashona.

Ngokubika kweDaily Sun ngesikhathi evuka ngoLwesithathu ekuseni uthole ingane yakhe enezinyanga ezingu-7 ubudala isishonile phakathi ebhakedeni elonomchamo.  

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke endaweni yaseKutlwanong ngase-Odendaalsrus, eFree State.

Lesi sigameko sicasule amalungu omphakathi ahlukana phakathi njengoba amanye esole unina ngokuba budedengu kanti amanye asola ukuthi okwebhakede wukugqiba ubufakazi bokubulawa kwale ngane.

Owesifazane ongumakhelwane ongathandanga igama lakhe lidalulwe uthe unina wale ngane wayenomngane wakhe ngesikhathi le ngane ishona.

“Wafika ezintatha nomngane wakhe bephuma ukophuza utshwala besintu lapho baphuza khona usuku lonke.

Angiboni ukuthi umchamo wobusuku obubodwa ungagwilizisa ingane ngaphandle uma ibhakede labe lingachithwanga ngayizolo,” echaza.

OLUNYE UDABA: Ubanjwe encelisa ingane ubuntu

Omunye wesifazane uthe usola ukuthi unina wale ngane uyibulele wabe esefaka isidumbu sayo ebhakedeni.

“Unina wale ngane ubenezingane ezintathu noyise bezingane abahlukene. Ingane eshonile bekuyiyona yodwa yomfana,” echaza.

Okhulumela amaphoyisa uMolemogeng Lechesa usiqinisekisile lesi sigameko.

“Owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala ubelele kwathi esevuka ekuseni ingane yakhe ibisishonile ebhakedeni,” echaza.

“Amaphoyisa aseqale uphenyo kanti isidumbu sengane sesihanjiswe ukuyohlokwa imbangela yokufa,” kusho uLechesa enanela ngokuthi bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 394 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 545 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
910.50
+1.5%
Palladium
1,011.50
+1.0%
Gold
2,221.35
+1.2%
Silver
24.87
+0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE