Johannesburg -
Lisalokhu lisegumbini labagula kakhulu ilungu lePhalamende eqenjini le-ANC uJackson
Mthembu.
UMthembu usesibhedlela esiseWitbank, eMpumalanga, wadutshulwa walimala esehlakalweni sokubamba inkunzi.
"Uyancenga," kusho okhulumela i-African National Congress, uKhusela Sangoni.
"Usegumbini labagula kakhulu kodwa uyancenga."
UMthembu wadutshulwa ezama ukukhipha imali kwi-ATM, ngeSonto ebusuku.
Funda nalolu daba: Ababoshiwe abathinteki kolukaMthembu
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Selvy Mohlala, uthi bathathu ababoshiwe ebekukholakala ukuthi bayathunteka kuleli sehlakalo, nokho uphenyo lwakamuva luyabahlangula.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.