Johannesburg – Amalungu e-EEF ePhalamende kungenzeka ukuba asephunyukile okwamanje ekuvalelweni ngaphandle ePhalamende, kodwa ngeke akuyeke lokho akufunayo.
Leli qembu lithembise ngokuqhubeka nokuthwalisa kanzima uMengameli uJacob Zuma kuze kube uyayikhokha imali eyikweletayo ngokulungiswa komunzi wakhe oseNkandla.
USomlomo wePhalamende uBaleka Mbete uyihoxisile imizamo yakhe yokumisa amalungu e-EFF angu-25 ePhalamende, kubike i-eNCA
Ikomidi lihlanganile ukudingida ngamacala kanti kulindeleke ukuba lethule umbiko walo kuMbete kanye nezincomo maduzane.
Amalungu e-EFF ePhalamende asatshiswa ngokuxoshwa ephalamende kulandela isigameko esenzeka ngesikhathi uMengameli uZuma ephendula imibuzo ePhalamende.
Kodwa kubukeka sengathi i-EFF kusekude ukuhlehla.
“Wonke umuntu uyahhahhabezwa ePhalamende, kuyinto eyenziwayo
lena,” kusho okhulumela i-EFF uMbuyseni Ndlozi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.