Cape Town – Ubhekene necala umnikazi wenja ngemuva kokuba
inja yakhe yohlobo lwePit bull ilume abantu ababili asebekhulile nezinja zabo ezimbili eSea Point ngoLwesihlanu ekuseni.
Ikhansela uJacques Weber utshele abeNews24 ukuthi abalunywe yiyinja babalelwa eminyakeni engu-70 ubudala kanti baphuthunyiswe esibhedlela iNew Somerset ngemuva kokuxilongwa ngodokotela ababili abebedlula ngendlela endaweni yesigameko.
OLUNYE UDABA: Usenkantolo owabulala izinja zikamakhelwane ezinesicefe
UWeber uphinde wathi akucaci ukuthi inja iphunyuke iboshiwe noma ibizihambela ingaboshiwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter