Cape Town – Umlisa osolwa ngokugwaza unina obewasha izitsha, uthungathwe umphakathi okuthiwa umthole wabe usumtitinya.
Umlisa oneminyaka engu-28 ubudala, wasePhilippi, uqashwe ngamaphoyisa esibhedlela.
Ngeke lidalulwe igama lakhe kuze kube uvela enkantolo.
Kuthiwa ugwaze wabulala umama wakhe obewasha izitsha emzini wakhe oseWoodbaai emijondolo yasePhilippi.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain FC van Wyk usiqinisekisile lesi sehlakalo esenzeke ngempelasonto ngezithuba zabo-10:00 ekuseni.
Funda nalolu daba: Izobuthola ubulungiswa indodana yami.
“Umsolwa uqashwe ngamaphoyisa esibhedlela, ngemuva kokuhlaselwa amalungu omphakathi kulandela ukuba ‘ebulale’ umama wakhe.”
Ozibonele utshele umndeni ukuthi umama, uNomalizo Sphunzi, 45, kanye nendodana yakhe bebexabana ngaphambi kokuba amgwaze, kubika iCape Argus.
Indodakazi kamufi uNolwandle Sphunzi, 26, uthe umfowabo ujwayele ukubanodlame, futhi udla izidakamizwa.
UVan Wyk uthe kuvulwe icala lokubulala futhi amaphoyisa aphenya nangezinsolo zokuthi umsolwa ushayiwe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.