"UMarli usesimweni esigculisayo eMediClinic, eStellenbosch," kusho umndeni esitatimendeni.
"Akuvunyelwa muntu ukuba ambone.”
Umndeni wakwaVan Breda wahlaselwa ekhaya lawo eDe Zalze Golf Estate ezintatha ngoLwesibili.
OLUNYE UDABA: Kuhlaselwe kwabulawa umndeni ngovivi
Ubaba kaMarli uMartin van Breda, 55, unkosikazi wakhe, 54, nomfowabo, uRudi, 22, bashona kulesi sibhicongo.
Kwasinda yena nomfowabo uHenri, 20.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto, okhulumela amaphoyisa uCol Tembinkosi Kinana uthe bekungakaboshwa muntu futhi akekho ophonswa imibuzo.
Umndeni ucele ukunikwa isikhathi ukuze uzile ngokuthula.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho