Share

Ushaywe ngoswazi oluncane owabulala omunye umfundi

Johannesburg – Ijaji ecaleni lomfundi owadubula wabulala omunye owayedume ngokuba yisichwensi esikoleni, libuze ukuthi kungani isikole singazange siyisukumele indaba yezichwensi.

Ujaji uBert Bam uthe umuntu kumele isiqonde isimo esinzima ayebhekene naso uTsundzukani Mthombeni kulandela ukudelelwa njalo, ezwiswa ubuhlungu.

NgoNovemba 20, uMthombeni weba isibhamu sikanina somsebenzi, wayanaso ePhineas Xulu Secondary School, nokuyilapho ayefunda khona, wafike wadubula wabulala uNkululeko Ndlovu,18.

Funda nalolu daba: Uthole ibheyili owadubula wabulala indoda egaraji.

Ecaleni eliqale ukuthethwa ngoLwesine eNkantolo eNkulu ebihleli ePalm Ridge, umshushisi uphoqelekile ukuba alivale icala ngemuva kokubiza ofaka abathathu kwabangu-18 abakhulume into eyodwa bonke.

UJaji Bam uthole uMthombeni enecala lokubulala ngokungenhloso kanye nelokuphatha ngokungethetho isibhamu kanye nezinhlamvu, kubika iThe Star.

Ube esegwetshwa iminyaka eyisikhombisa ebhadla ejele, walengiselwa ngeminyaka emihlanu ecaleni lokubulala.

Kwelesibhamu, uMthombeni ugwetshwe iminyaka emibili ebhadla ejele, walengiselwa ngeminyaka emihlanu.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 914 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 955 votes
Vote
Rand - Dollar
19.20
-0.5%
Rand - Pound
23.87
-0.3%
Rand - Euro
20.52
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.49
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.4%
Platinum
916.40
-0.4%
Palladium
1,018.00
-0.8%
Gold
2,316.52
-0.2%
Silver
27.11
-0.7%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,470
+0.6%
All Share
74,432
+0.6%
Resource 10
59,448
-0.3%
Industrial 25
104,232
+1.4%
Financial 15
15,928
+0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE