Johannesburg – Kushone owesifazane ngoLwesihlanu ebusuku ngemuva kokuba eshibilike wawela phambi kwebhasi emgwaqeni uHarvey eBloemfontein, kusho abosizo lokuqala.
"Owesifazane ushibilike wawela phambi kwebhasi. Ibhasi libe selikhelwa phezu kwakhe ngemuva kwalokho lama nse, owesifazane engaphansi kwalo,” kusho okhulumela abakwaNetcare911 uSanti Steinmann.
Funda nalolu daba: Usolwa ukuthi wakhelwa uzungu oweKwaito
Kudingeke ukuba abatakuli bezicishamlilo kube yibona abazama ukukhipha owesifazane ngaphansi kwebhasi.
Owesifazane, okukholakala ukuthi uneminyaka elinganiselwa ko-40 ubudala, ubesesimeni esibucayi kakhulu ngesikhathi ekhishwa ngaphansi kwebhasi, ngokuhamba kwesikhathi washona.
"Bekungekho obesekungenziwa, ushonele khona lapho kweyesehlakalo,” kusho uSteinmann.