Johannesburg – Kushone owesifazane ngesikhathi eshayiswa yimoto ku-R57 Golden Highway eVanderbijlpark ngoLwesihlanu ebusuku, kusho abosizo lokuqala.
"[Abosizo lokuqala] bathole isidumbu sowesifazane sidindilize ngaku-slow lane kuthelawayeka,” kusho okhulumela abakwa-ER24 uRussel Meiring.
Funda nalolu daba: Abafundi basethekwini babhikishele amasi
"Kukholakala ukuthi umshayeli wehlulekile ukubona obehamba ngezinyawo ewela umgwaqo.”
Owesifazane ushonele khona lapho endaweni yesehlakalo.
Umshayeli nomgibeli bona abalimalanga.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.