Durban – Owesilisa oneminyaka engu- 20 ubudlala ushone kabuhlungu eThekwini ngesikhathi kuwa i-lift elayisha izimpahla abesebenza kuyo.
Kuthiwa lesi sigameko esishaqise abaningi senzeke ngoMsombuluko.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker sebevule idokodo ngokufa kwalo mlisa obengakahlozwa ukuthi ungubani wakuphi.
“Kusolakala ukuthi lesi sigameko senzeke ngezikhathi zabo-11:00 ekuseni esitolo iHypercheck emgwaqweni u-Prince Edward eThekwnini lapho lo mlisa ebesebenza kuyona le lift yezimpahla,” kusho uNiacker.
Okhulumela abosizo oluphuthumayo i-ER24 uRussel Meiring uthe lona wesilisa upitshizwe yile lift washonela khona lapho ngemuva kokugaxeka kuyona.
“Abezimo eziphuthumayo baphoqeleke ukuba baphule umnyango we-lift ukuze bathole isidumbu salo mlisa obeseshonile,” kuchaza uMeiring.
Kuthiwa kuzwakale ngokumemeza kwendoda ngaphambi kokuthi i-lift ishayeke phansi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho