Johannesburg – Kushone indoda ngemuva kokuqhunyelwa yithayi leloli ebusweni ngesikhathi elishintsha emgwaqeni omkhulu ngaseFochville, eGauteng, kusho abakwa-ER24.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu ebusuku ku-R54, kubika i-ANA.
Abosizo lokuqala bakwa-ER24 bafike endaweni yesigameko bathola lo wesilisa elele echibini legazi eduzane neloli.
OLUNYE UDABA: Ulimale kanzima oqhunyelwe yithayi elishintsha
“Bathe uma bemhlola bathola ukuthi ulimale kabi ekhanda nasemilenzeni.
“Abezimo eziphuthumayo babe sebeqala bemlapha besebenzisa imishini, wase edluliselwa esibhedlela.
“Ngebhadi ufike washonela khona.”