Johannesburg – Kushone oyedwa kwathi abathathu bahlengwa ezikoleni ezingenalo igunya lokusoka abafana eNgqeleni, e-Eastern Cape, kusho umbiko.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni, uSizwe Kupelo, uthe laba abalimele baphuthunyiswe eCanzibe Hospital, kubika i-SABC.
Uthe uMnyango ushaqekile kakhulu ngokuvumbuka kwalezi zikole endaweni.
OLUNYE UDABA: Kunosizo olukhulu ukusoka - Umbiko
“SiwuMnyango sisashaqekile ngokuvumbuka kwezikole ezingekho emthethweni ezisoka amabhungu e-OR Tambo. Sicela abazali ukuthi bayisukumele indaba yokusoka okusemthethweni.”
Kushone abafana abangu-29 ekusokeni ebusika balo nyaka kwathi abangaphezulu kuka-40 bangeniswa esibhedlela.