Cape Town - Umholi wenhlangano iSe’skona People’s Rights Movement, u-Andile Lili owake waba yikhansela le-African National Congress, uthi angeke axolise ngezinsolo azenza ethi uNobhala we-ANC uSongenzo Mjongile, nguye ophezu kwetulo lokumbulala.
ULili enenhlangano yakhe babize isithangani sabezindaba eKhayelitsha, la akubeke khona kwacaca ukuthi angeke awahoxise amazwi akhe ekutheni uMjongile ne-ANC yibo abafuna ukumsoconga, kubhala abezindaba zeCape Times.
Funda nalolu daba: Kudutshulwe u-Andile Lili
“Angeke sixolise, vele wuye ophezu kwetulo lokungisoconga," kusho uLili osenikwe incwadi ephuma kubameli, emtshela ukuthi kumele axolise.
“Sikholwa ukuthi uSongenzo nguye ozama ukuqeda nya ngempilo yami. Kumele balindele incwadi evela kubameli bami."
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.