Share

Uthisha ezinsolweni zokubotoza abafundi

Johannesburg - Abafundi abadiniwe bamfuna la uthisha osolwa ngokubotoza abafana ebathembisa ngokubanikeza izingubo kanye namamaki amahle.

Lokhu kuze ngemuva kwamahebezi athi umfundi wakwa-grade 11, uNjabulo Hlophe, 17, ngesikhathi ezibulala ushiye incwadi ethi ubelokhu eyisigqila socansi sikathisha.

Ukufunda kuphazamisekile eKing Shaka High School, eMlazi esigcemeni sakwa-E,  kusho abezindaba zeDaily Sun.

Abafundi baqonde emzini kathisha babulala amawindi nempahla yasendlini.

Umfundi owenza u-grade 8, uthe: “Uthisha ubecashe ehhovisi likathishanhloko, abafundi base beshaya ngamatshe imoto yakhe. Uthishanhloko ubize amaphoyisa kwaba yiwo amphelezelayo. Elinye iphoyisa lithole ukulimala ngemuva kokushaywa ngesitini ekhanda."

Umngani ongazange afune ukudalulwa igama lakhe uthi uNjabulo wathi uthisha bese kuphele unyaka emphoqa ukuba alale naye.

“Waze watshela omunye uthisha ngale nkinga kodwa akukho okwenziwa.

Ngemuva kokushona kukaNjabulo, abanye abafana baphumela obala.

Umbiko uthi ziningi izingane ebezilala nalo thisha wesilisa, ezithembisa ukuzifaka amazinyo egolide azithengele nezicathulo zeCarvela.

Abanye abafundi bathi wayebathembisa amamaki amahle.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMuzi Mahlambi, unxuse abafundi ukuba bayekele umthetho ubhekane nalolu daba.

UCaptain Thulani Zwane uthe amaphoyisa ayaphenya.



 -Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho


 -
Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 364 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 499 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.90
-0.0%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.1%
Platinum
908.75
+1.3%
Palladium
1,014.28
+1.3%
Gold
2,221.04
+1.2%
Silver
24.86
+0.9%
Brent-ruolie
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.9%
Resource 10
57,251
+2.9%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE