UNdumiso Khwela, 29, waseCato Ridge, usecaleni ngokubulala uBonakele Sibiya, naye owayenguthisha eJabulani Primary School eBergville, nendodana yakhe uMfanafuthi Sibiya, okuthiwa banklinywa base bokhelwa ngomlilo eNtshanga ngoMashi nonyaka.
UMbuso usola ukuthi uKhwela, ofundisa eCato Ridge, wabulala uSibiya ngoba ekholelwa ukuthi wamthelela ngesandulela ngculazi.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abathathu ngelokubulala
UMbuso uqhuba ngokuthi ummangalelwa wanklinya uSibiya nendodana yakhe wase ebathungela ngomlilo, kubika iDaily News.
UKhwela uthi yena wayehlele ukuhlangana noSibiya eBergville ngelanga ababulawa ngalo nendodana yakhe.
Kuthiwa uSibiya wayevakashela eThekwini njengoba kwakungamaholidi.
UKhwela uthi wabanikeza u-lift wababeka erenki yamatekisi eNtshanga, nokwaba ngukugcina kwakhe ukubabona.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho