Pietermaritzburg - Inkantolo eNkulu yaseMgungundlovu imthole enecala umlisa obebekwe amacala okudlwengula ephindelela.
IJaji u-Anton van Zyl, lithole uKhumbulani Rankentsi, 20, enamacala angu-12 okudlwengula kanjalo namabili okubamba inkunzi.
UVan Zyl wayalela umshushisi uCandy Kande, ukuthi acele ummangalelwa ahlolwe ingqondo.
UKande wahlolwa kwatholakala ukuthi uyakwazi ukuhlukanisa okungalungile nokulungile.
Amacala enzeka emikhukhwini ngakubo kuka mmangalelwa, kusukela ngoFebhuwari ka-2011 kwaze kwaba nguJulayi ka-2013.
Umphenyi uCaptain Elmarie Myburgh, wathola ukuthi ukuziphatha kukaRankentsi, kwabe kungokungajwayelekile.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.