Cape Town – Uthisha waseMossel Bay uphume ngebheyili ka-R2 000 ngemuva kwezinsolo zokunukubeza umfundi ngocansi.
Lo thisha oneminyaka eng-57 ubudala uboshwe ngoLwesine.
Uthweswe icala lokunukubeza umfana oneminyaka eng-15 ubudala ngocansi emagcekeni esikole.
OLUNYE UDABA: Uthisha wesifazane uvume elokulala nomfundi
Ummeli kammangalelwa uthe kulindeleke ukuba aliphike icala abhekene nalo, kubika abe-Eyewitness News.
Okhulumela amaphoyisa uMalcolm Pojie uthe: "Icala abhekene nalo elokunukubeza ngokocansi. Kanti kubikwa ukuthi wabanjwa ehlukumeza lo mfana."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter