Johannesburg – Ungaphandle ngebheyili umdlali wasemuva eKaizer Chiefs obanjwe ngamaphoyisa omgwaqo ehamba ngesivinini eseqile emgwaqweni onguthelawayeka Ekurhuleni eGoli ngeSonto.
Ngokubika kweDaily Sun uSiphwe Mtsweni wahluleka ukuma ngesikhathi amaphoyisa emumisa ehamba ngesivinini sika196km/h emgwaqweni u-N12 e-Alberton.
Kubikwa ukuthi kwaze kwasiza amaphoyisa ahamba ngezithuthuthu ezintathu ukuthi akwazi ukumvimba njengoba waze wabanjwa e-Edenvale.
Amaphoyisa athi lo mdlali wawatshela ukuthi uphuthuma kwinkambi yeqembu.
OLUNYE UDABA: Lihlehlile elibhekene nowayegijima kuBafana
Lo mdlali uvele eNkantolo yasePalm Ridge ngoMsombuluko lapho ebhekene khona necala lokushayisa budedengu.
Ngesikhathi evela enkantolo akabuzwanga ukuthi uyalivuma noma uyaliphika leli cala wabe esededelwa ngebheyili.
Kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantlo ngoLwesine.
Okhulumela iChiefs uVina Maphosa uthe:
“Lolu daba ngolomdlali ngasese ngakho iqembu ngeke liphawule ngalo.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho