Pietermaritzburg - INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu imnike udilikajele umlisa owatholwa necala lokubulala ugogo wakhe kanye nentombi yakhe, kusho iNPA ngoLwesihlanu.
USakhile Khoza, 29, uthole udilikajele ngecala lokubulala intombi yakhe, wagwetshwa iminyaka engu-15 ngelokubulala ugogo wakhe, wathola nonyaka ngaphezulu ngelokuzama ukubulala umama wakhe, kusho okhulumela iNational Prosecuting Authority uVelekhaya Mgobhozi.
Funda nalolu daba: Kuboshwe 7 ngelezidakamizwa ehhotela.