Rustenburg – INkantolo yesiFunda yaseMmabatho igwebe owesilisa olahlwe yicala lokudlwengula ugogo wakhe udilikajele ngokusho kwamaphoyisa aseNorh West.
UColonel Sabata Mokgwabone uthe lo mlisa oneminyaka engu-34 ubudala ugwetshwe ngoLwesine.
Waboshwa ngemuva kwezinsolo zokudlwengula uninakhulu wakhe oneminyaka engu-80 ubudala eLonely Park ngaseMahikeng ngoDisemba 2012.
OLUNYE UDABA: Ulahlwe yicala lokubulala umshayeli wetekisi e-KZN
Kubikwa ukuthi wagila lo mhlola ngesikhathi evakashele umvakashele uninakhulu wakhe.
“Kwabikwa ukuthi isalukazi samlimaza “induku” yakhe ngesikhathi esiphoqa ukuthi siyifake esithweni saso sangasese.”
Isalukazi sazama ukuzilwela kulesi sigameko njengoba sagcina ngokumnqoba ngokushaya ngokuthile ekhanda waquleka.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho