“Ngithe uma ngibeka isandla sami emahlombe ngezwa ukuthi kukhona okushaya amanzi. Ngizwe into ebanda ngendlela eyisimanga ilele eduze kwami,” kusho uTindale, 60.
“Ikhanda lalo holokoqo belisemahlombe ami. Bengingazi ukuthi yini njengoba ngize ngazithela kulo feleba ngemuva kokuthi ngikhanyise endlini.”
Lesi salukazi sibe sesibikela indodakazi yaso, nephendule ngokuthi: “Manje ufuna mina ngenzeni?”
Uthi umndeni ube usushayela inhlangano eqapha umphakathi, nokuyiyo ebe isishayela i-SA CAN.
Ngokombiko kalowo ozifelayo ngezinyoka, uJohn Aberdeen, uthe le nyoka ayiyona nakancane ingozi.
“Kuqabukeka ubona lolu hlobo lwezinyoka lukhule kangaka ngoba abantu bayalubulala,” esho.
Yize lolu hlobo olwaziwa nge-brown house snake lungekho ngaphansi kohlu lwezinhlobo zezinyoka emhlabeni, luvikelwe ngaphansi kweWestern Cape Nature Conservation Act.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter