Durban - Usomabhizinisi waseThekwini uJay Singh utshele ikhomishana ephenya ngokuwa kwengxenye yesakhiwo sasoThongathi wathi lesi sakhiwo sasiphephile ngaso sonke isikhathi.
USingh usole ukuwa kwengxenye yenxanxathela yezitolo ngoNovemba 2013, okwashona kuyo abantu ababili, wathi kwaba yimisebenzi kanjiniyela u-Andre Ballack.
"Ngunjiniyela owaba necala,” esho ngesikhathi ebuzwa ngu-Advocate Ian Topping, omele uMasipala weTheku, ukuthi ngubani okumele asolwe.