Prieska - Ubuthi osebuneminyaka babakhona eNingizimu Afrika obaziwa nge-asbestos busalokho buhlasela buphindelela iminyaka neminyaka, kanti bushiya kukhalwa emindenini eminingi.
"Emindenini eminingi ePrieska, inomuntu okungenani oyedwa eseke wabulawa wubuthi be-asbestos i-mesothelioma," kusho uChris Julius, 58, okutholakale ukuthi unesifo somdlavuza odalwe u-asbestos ngemuva kwezinyanga ezintathu umamezala wakhe edlule emhlabeni.
UJulius owayenguthisha akaze asebenze ezimayini noma lapho kwasungulwa khona izimayini ngeminyaka yawo-1800 okuyindawo eyaziwa nge "asbestos mountains" eNorthern Cape.
Kutholakale ukuthi unomdlavuza wamaphaphu owaziwa nge-mesothelioma, okuthi uma unawo, nakanjani ugcina ngokufa.
"Ngihlala ngithukile, angiluhleleli usuku oluzayo ngoba angilwazi noma luzofika yini.”
Abantu bakulendawo bake batholana phezulu nabezimayini, kodwa leso simo saxazululwa cishe eminyakeni eyishumi.
Nanamuhla imizi yakule ndawo eminingi isangaphansi kwalesi simo, ngokusho kwezibalo zikahulumeni, uRob Jones ongusosayensi wezemvelo uthi u-asbestos ubulala abantu abangu-52 ngonyaka eNorthern Cape.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
Sapa - AFP