Johannesburg – Uyavela eNkantolo yeMantshi yaseKagiso owesifazane osolwa ngokubulala usana olutholakale selushonile kuplastiki ngasesikoleni samabanga aphakeme eKagiso, eWest Rand, kusho amaphoyisa aseGauteng.
Lo wesifazane, 27, zimkhalele ngoLwesithathu, kusho uWarrant Officer Solomon Sibiya.
“Umsolwa uboshwe ngemuva kokuthi amalungu omphakathi ehlabe umkhosi emaphoyiseni athi lo wesifazane usanda kubonakala ezithwele kodwa usana olwaziwa ukuthi lukuphi ngemuva kokushabalala kwesisu.”