Share

Usekhulumile uPastor Zondo

Cape Town – UPhuma esontweni sisi? Umfundisi unikhombisile induku yakhe? kubiza abesilisa behlangana nentatheli yeNews24.

Enkonzweni ebilindelwe ngabomvu kaPastor S Zondo wodumo lwezinkulumo ezikhuthazayo, kulandela ukuputshuka kwe-video eveza ubuze bakhe, bekugcwele phama.

Phakathi kwabantu abebehambele inkonzo bekungozakwabo basemsakazweni uKhozi FM, okubalwa kubona uDJ Sgqemeza, uSbu Buthelezi, uThandeka, Mangethe kanye nabefundisi abehlukene okubalwa kubona noZindela.

UZondo ngesikhathi eshumayela uthe, “Ningayi-delete i-video  komakhalekhukhwini benu. Kodwa-ke uma senize nayisusa, ningayisusi emiqondweni yenu ukuze mhla zininetha kulo mhlaba nikhumbule ukuthi kunomfundisi owashuthwa enqunu kodwa wangazibulala.”

Funda nalolu daba: 'Ngipheni inombolo yocingo lukaZondo.'

Phakathi kwabantu abebezoqinisa lo mfundisi isibindi bazwakalise ukuthi bona bebengazile kuZondo kodwa ukuzolalela into aphathiswe yona uNkulunkulu.

UZondo ube esexolisa emsakazweni uKhozi FM kanye nakubafundisi bonke.

Uthe: ”Igundane elilodwa lifike lidle ushizi bese wonke amagundane asolwe ngesenzo salo...”

Ucele ukuba abantu bangagxeki bonke abefundisi ngesenzo sakhe.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
48% - 713 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
52% - 759 votes
Vote
Rand - Dollar
19.14
-0.1%
Rand - Pound
23.80
-0.0%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.45
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
926.50
+0.7%
Palladium
1,029.00
+0.3%
Gold
2,323.26
+0.1%
Silver
27.34
+0.1%
Brent-ruolie
88.42
+1.6%
Top 40
68,678
+0.9%
All Share
74,638
+0.9%
Resource 10
60,244
+1.1%
Industrial 25
103,939
+1.1%
Financial 15
15,967
+0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE