Johannesburg - URoland Mqwebu uyibekile induku ebandla njengomlingisi, kusho uNgqongqoshe wezokuXhumana uFaith Muthambi ngoLwesihlanu.
UNgqongqoshe udlulise amazwi enduduzo emndenini kaMqwebu.
Lo mlingisi ushone eneminyaka engu-74 ubudala ngoLwesihlanu ekuseni.
UMqwebu owaduma kakhulu ngelikaMkhize emdlalweni waku-SABC1 uMuzi Wezinsizwa, ushonele eThekwini Hospital and Heart Centre ebulawa yizinso.
Funda nalolu daba: Kushone ingane ena-12 kusha imijondolo
Indodakazi yakhe, u-Andile Mqwebu, 31, ithe ubaba wayo ubesegule isikhathi eside.
"Umdlalo i-Emzini Wezinsizwa wawuyintandokazi futhi ubukelwa kakhulu kuSABC," kusho uMuthambi esitatimendeni.
"Sifisela umndeni nabangani kanye nozakwabo ukuba baqine ngalesi sikhathi esinzima. Izinhliziyo zethu zinabo.”
UMqwebu ushiye izingane ezine kanye nonkosikazi wakhe uPinky Mqwebu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.