Johannesburg - Owesifazane waseZululand ucabange kabili wabona kuyisu elihle ukuthi azame ukugaya ngomshini uhalakasha lwenyoka ayibone iphakathi emshinini wakhe wokuwasha, kubika i
The Citizen.
"Ngivele ngavula umshini wapina ngase ngiyalinda," kusho uMargie Taylor, etshela abezindaba.
"Kube nobuguquguqu ngaphakathi emshinini, kuthe uma uma ngivula isicabha sawo ngayifica inyoka ikhathele uyibona ukuthi ididekile."
Lona wesifazane uthi uzame ukufonela umyeni wakhe kanjalo nabasebenza ukubamba izinyoka.
Umyeni kaTaylor uDavid ube esefika eyibamba inyoka eyikhipha emshinini wase eyidedela.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).