Johannesburg - Izohlala ejele impilo yayo yonke indoda elahlwe yicala lokudlwengula ingane eneminyaka engu-10 ubudala, kusho isinqumo senkantolo.
Isehlakalo senzeka elokishini laseMpumalanga, esifundazweni saKwaZulu-Natal, kusho amaphoyisa.
UJoseph Msizeni Khuluse, 49, ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda eMgungundlovu, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane.
Funda nalolu daba: Uzobhadla engu-60 owadlwengula
"Kukholakala ukuthi mhlaka-1 Ephreli, 2011, isisulu sasilele ngesikhathi sivuswa uKhuluse esidlengula," kusho uZwane.
UKhuluse wasabisa ingane wathi ingatsheli muntu.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni ubonge ingane ngesibindi eyaba naso yabika isehlakalo, wancoma nomsebenzi wabaphenyi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.