Cape Town – Umfana oneminyaka emihlanu ubudala owazalwa engenabo ubuntu uyajabula ngohambo lwaseKapa ngenyanga ezayo njengoba ezohlolwa ukuthi uzokwazi ukuchama ngendlela ejwayelekile.
Unina walo mfana utshele abeNews24 ngoMsombuluko ukuthi indodana yakhe ayikaze iligibele ibhanoyi kanti ayiwuvali umlomo ngalolu hambo.
Okunzima ngalo mndeni waseRustenburg ukuthi awukasithathi isinqumo sokuthi uzondiza noma uhamba ngemoto uma usulibangisa eKapa.
“Uyajabula uthi ‘itotolozi yami iyagula’ futhi njengoba eya eKapa uzobona ulwandle bese ethola netotolozi entsha,” kusho unina walo mfana.
OLUNYE UDABA: Ayashoda ama-ARVs kuleli - TAC
Uthe indodana yakhe iyazifela ngoSpider-Man kanti unayo nezingubo nethoyizi laleli qhawe lakhe athanda ukuzigqoka.
Lo mfana wazalwa enesifo esibizwa nge-epispadias.
Ubuntu bakhe abukwazanga ukukhula ngendlela ejwayelekile njengoba egcine ephoqeleka ukuthi achame ngembobo eyakheke ngezansi kwamankwahla akhe.
Ngemuva kokuhlinzwa izikhawu ezahlukene lo mfana useyakwzi ukuchama ngepayipi elafakelwa kuyena kodwa ngenxa yokuthi leli payipi liphuka njalo lokhu sekumdalele inking yezinso.
Yingakho ezolibangisa eKapa ukuze ahlolwe kabusha nokungenzeka agcine elapheke ngokugcwele.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter