Share

Uzohlolwa eKapa umfana owazalwa engenabo ubuntu

Cape Town – Umfana oneminyaka emihlanu ubudala owazalwa engenabo ubuntu uyajabula ngohambo lwaseKapa ngenyanga ezayo njengoba ezohlolwa ukuthi uzokwazi ukuchama ngendlela ejwayelekile.

Unina walo mfana utshele abeNews24 ngoMsombuluko ukuthi indodana yakhe ayikaze iligibele ibhanoyi kanti ayiwuvali umlomo ngalolu hambo.

Okunzima ngalo mndeni waseRustenburg ukuthi awukasithathi isinqumo sokuthi uzondiza noma uhamba ngemoto uma usulibangisa eKapa.

“Uyajabula uthi ‘itotolozi yami iyagula’ futhi njengoba eya eKapa uzobona ulwandle bese ethola netotolozi entsha,” kusho unina walo mfana.

OLUNYE UDABA: Ayashoda ama-ARVs kuleli - TAC

Uthe indodana yakhe iyazifela ngoSpider-Man kanti unayo nezingubo nethoyizi laleli qhawe lakhe athanda ukuzigqoka.

Lo mfana wazalwa enesifo esibizwa nge-epispadias.

Ubuntu bakhe abukwazanga ukukhula ngendlela ejwayelekile njengoba egcine ephoqeleka ukuthi achame ngembobo eyakheke ngezansi kwamankwahla akhe.

Ngemuva kokuhlinzwa izikhawu ezahlukene lo mfana useyakwzi ukuchama ngepayipi elafakelwa kuyena kodwa ngenxa yokuthi leli payipi liphuka njalo lokhu sekumdalele inking yezinso.

Yingakho ezolibangisa eKapa ukuze ahlolwe kabusha nokungenzeka agcine elapheke ngokugcwele.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 946 votes
No! It's time to move on ...
33% - 464 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE