Lokhu kuvezwe ngamaphoyisa aseGauteng ngoLwesine.
Umfana kubhekeke ukuthi ahlolwe esibhedlela iSterkfontein, kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubela.
Inkantolo izoqhuba uphenyo ngaphansi komthetho iChild Justice Act.
UMakhubela uthi uphenyo yilo oluzocacisa noma bazoshushiswa yini abafana, laba agodliwe amagama abo ngenxa yobuncane beminyaka yabo.
Babhekene necala lokubulawa kukaThandeka Moganetsi, 15, nomngani wakhe uChwayita Rathazayo, 16.
Amantombazane atholakala eshonile esigangeni eDobsonville, ngenyanga kaFebhuwari.
Kukholakala ukuthi abulawa kuqhutshwa imikhuba ehlobene nemihlatshelo kaSathane, eceleni kwezidumbu zawo kwakukhona amakhandlela amnyama nama-razor.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.