Share

Uzoshushiswa osolwa ngokubulala ibhoklolo

Johannesburg – Umfundi waseVosloorus osolwa ngokudubula abulale ibhoklolo emagcekeni esikole, uzovela enkantolo ngo-Okthoba ngecala lokubulala ehlelile, kusho umbiko weThe Star ngoLwesibili.

Isinqumo sokuqhubeka naleli cala siza ngemuva kwesicelo esifakwe ngummeli walo mfundi sokuthi leli cala lingathethelwa enkantolo, nesiphikisiwe yiNational Director of Public Prosecutions (NDPP).

U-Advocate William Karam wafaka isicelo kuMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi ukuba ikhasimende lakhe lifakwe ngaphansi kohlelo lwabantu abasha abasuke besolwa ngamacala athile, kunokuthi lishushiswe enkantolo.

Lesi sicelo saphetshezwa, uKaram waphinde wafaka isicelo sokuphikisa isinqumo, naso sabhuntsha futhi.

"Ngidangele kakhulu ngoba uma ubuka izinto ezaholela ekutheni kuze kube khona ophunyelwa umphefumulo, ummangalelwa wayemncane kanti umufi yena wayevele ewuhlupho futhi lokho kwaziwa,” kusho uKaram etshela leli phephandaba.

Ummangalelwa kusolakala ukuthi wathatha isibhamu sikamama wakhe somsebenzi waya naso esikoleni, nalapho afike khona wangqokloza umufi ekhanda ngaso.

Kuthiwa umufi wayehlezi njalo enyuka ummangalelwa.



  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 76 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 171 votes
Vote
Rand - Dollar
19.24
-0.4%
Rand - Pound
23.90
-0.3%
Rand - Euro
20.46
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.31
-0.1%
Rand - Yen
0.12
-0.7%
Platinum
950.00
-0.0%
Palladium
1,026.00
-0.3%
Gold
2,382.23
+0.1%
Silver
28.28
+0.2%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,190
0.0%
All Share
73,271
0.0%
Resource 10
63,297
0.0%
Industrial 25
98,419
0.0%
Financial 15
15,480
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE