Durban – Uzothweswa icala lokuhlambalaza uMengameli wamaJaji KwaZulu Natal uChiman Patel ngokubika kwephephanda iMercury.
Ngokombiko kuthiwa uPatel kulindeleke ukuba avele enkantolo ngenyanga ezayo.
Kubikwa ukuthi uPatel ukuqinisekisile ukuthola isaziso ngokuthi uzothwesw aicala.
UPatel usolwa ngokwenza leli cala ngesikhathi ethethisa umabhalane esigamekweni okubikwa ukuthi senzeke ngonyaka owedlule.
OLUNYE UDABA: Lingase libhadle ejele ijaji elagweba omsulwa
Okhulumela i-NPA uNathi Mncube kuthiwa utshele leli phephandaba ukuthi uMqondisi wamaShushisi esefundazweni u-Advocate Moipane Noko uqoke ukumshushisa uPatel.
Bekungakacaci ukuthi uPatel ubesewatholile amasamanisi noma ubengakawatholi nokuthi uzovela ngaluphi usuku ngoNovemba enkantolo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho