Johannesburg - Indoda esolwa ngokugwaza ibulale enye izovela eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesibili, kusho amaphoyisa esifundazwe saseGauteng.
Le ndoda eneminyaka engu-30 ubudala yaboshelwa endaweni yaseMayfair ngoMgqibelo ngokubandakanyeka ekubulaweni kowesilisa oneminyaka engu-28 ubudala ngezithuba zabo-04:00 ekuseni, kusho uWarrant Officer Xoli Mbele ngoMsombuluko.
OLUNYE UDABA: Uzovela enkantolo owabulala umnikazi weSpaza
Kusolwa ukuthi lamadoda womabili abanengxabano.
Umufi waphuthunyiswa esibhedlela okuyilapho okubikwe khona ukuthi useshonile.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.