Klerksdorp - Uphelelwe ngumsebenzi loyo owabika ngenkohlakalo eyabe iqhubeka ekwakhiweni kwezindlu zomxhaso ezabe zakhiwa endaweni yaseKlerksdorp, kusho uMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, etshela abantu ekade bebuthene ehholo lakhona eKlerksdorp.
"Lona owabika ngenkohlakalo, wabe esebenzela umasipala watshela inkontileka ukuthi kuzophenywa," kusho uMadonsela.
Umvikeli womphakathi uhambele kule ndawo ukuqhuba uphenyo ngemikhonyovu ebikwayo mayelana nakho ukwakhiwa kwezindlu zomxhaso.
IHhovisi likaMadonsela lamukela izikhalazo ezingu-2 305, zabantu abakhala ngezindlu eNorth West.
Umsebenzi lona owabika, wabiza abakwa-SA Home Builders Council nabakwaSA Bureau of Standards ethi abazohlola izindlu, ekugcineni ekwavela ukuthi azikho sesimweni esigculisayo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.