UJan Tsholota,31, wahlangana no-sugar mama wakhe ngo- 2012 wazitshela ukuthi usethole uthando lweqiniso.
"Bengingena Ndaba nokuthi kukhona azwana naye eceleni," kusho uTsholota.
"Ubengiphatha kahle, engiwashela nezimpahla zokugqoka, nami ngimvumele ngoba bengimethemba. Bengingacabangi ukuthi engenza into efana nalena.
UTsholota uthi wabe esebona ama-anda akhe elokhe elahleka kancane kancane.
Njalo mangabe eziwashile izimpahla zibuya ama-anda ami engaphelele, eqala ekwenza lokhu anginakanga kodwa kwathi sekuduke angu-10 ngambuza wawaphika.
"Abantu bacanga ukuthi angiphilile ekhanda," usho kanje.
UTsholota waze waya ngisho emaphoyiseni kodwa wangaluthola usizo njengoba lona wesifazane agijima kuqala waya emaphoyiseni wafike wafuna ukuvikelwa kuTsholota.
Engikufunayo ama-anda ami nokuthi akhiphe lesi sichitho kumina.
ISangoma, uNtsimb’edlezinye Ngema utshele abeDaily Sun ukuthi lo wesilisa ufakelwe isichitho.
"Akukho okuzomhambela kahle empilweni aze akhiphe lesi sichitho," kuqhuba iSangoma.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho