Johannesburg - Iqembu iDemocratic Alliance seliqubule imibuzo ngokuqashwa kukaKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Riah Phiyega, kusho lona iqembu ngoMsombuluko.
"Yize noma uMengameli uJacob Zuma amuncoma ngesikhathi emethula, kusanemibuzo engaphendulekile ngokuqashwa kwakhe kanjalo nangemisebenzi akade eyenza phambilini, " kusho omele iDA ePhalamende uDianne Kohler-Barnard.
IDA ithi uPhiyega akashiyanga kukuhle ezinkampanini ayekade ezisebenzela ezihlanganisa iLefatshe Technologies.
"Uma kukhulunywa ngokhomishana kunezinto ezishiywa ngaphandle ekumele abantu bazi ngazo, akucaci kahle mayelana nezinkampani ayezisebenzela, uKohler-Barnard uthe iqembu lizobhalela uZuma incwadi licele incazelo ngokuqashwa kukaPhiyega.
"Ngemuva kokuphoxa kokusebenza kokhomishana ababili bangaphambilini, siyaphoqeka ukuthi sibhekisise kabanzi sicubungule lona osesikhundleni njengamanje... kumele umengameli abhekisise kabanzi abantu ngaphambi kokuthi abanike imisebenzi."
Umkhulumeli kamengameli uMac Maharaj uthe umengameli uzophendula uma esethole incwadi yeDA.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).