Cape Town – Unobuhle waseSweden u-Anni Hindocha wayefuna ukwehlukanisa nomyeni wakhe ongusomabhizinisi waseBrithani uShrien Dewani ngemuva kancane nje beshadile ngenxa yokuthi wayebona sengathi ngeke bakwazi ukuhlalelana, kusho umzala wakhe etshela iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoMsombuluko.
USneha Mashru ungomunye wofakazi boMbuso ecaleni likaDewani, asolwa kulona ngokwakhela unkosikazi wakhe uzungu lolumbulala ngoNovemba 2010.
UMashru utshele inkantolo ukuthi yena no-Anni babenjengezelamani, babekwenza konke ndawonye futhi babene-password efanayo kuFacebook nakuma-email.
Ngemuva kokuba izithandani zishadile eNdiya ngo-Okthoba 2010,
u-Anni wayechitha isikhathi sakhe nomzala wakhe emtshela ukuthi abazwani kahle
nomyeni wakhe.
Funda nalolu daba: Abalamana no-Oscar bayabhoboka.
Ngesikhathi uSneha ephakamisa ukuba kumele bachithe isikhathi bendawonye, wanqaba, kutshelwa inkantolo.
Ngokuhamba kwesikhathi, u-Annai wamtshela ukuthi usefuna ukufaka isehlukaniso nomyeni wakhe.
Kodwa uSneha wameluleka ngokuthi bangayi eNingizimu Afrika ukuze bazame ukulungisa izinto kuqala.
Ngemuva kwesikhashana uthi wathola umyalezo ka-Anni umtshela ukuthi izinto sezingconywana nokuthi akasafuni ukudivosa, kubika i-IOL.
Icala liyaqhubeka ngoLwesibili.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.