Share

'Wayefuna idivosi u-Anni Dewani'

Cape Town – Unobuhle waseSweden u-Anni Hindocha wayefuna ukwehlukanisa nomyeni wakhe ongusomabhizinisi waseBrithani uShrien Dewani ngemuva kancane nje beshadile ngenxa yokuthi wayebona sengathi ngeke bakwazi ukuhlalelana, kusho umzala wakhe etshela iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoMsombuluko.

USneha Mashru ungomunye wofakazi boMbuso ecaleni likaDewani, asolwa kulona ngokwakhela unkosikazi wakhe uzungu lolumbulala ngoNovemba 2010.

UMashru utshele inkantolo ukuthi yena no-Anni babenjengezelamani, babekwenza konke ndawonye futhi babene-password efanayo kuFacebook nakuma-email.

Ngemuva kokuba izithandani zishadile eNdiya ngo-Okthoba 2010, u-Anni wayechitha isikhathi sakhe nomzala wakhe emtshela ukuthi abazwani kahle nomyeni wakhe.

Funda nalolu daba: Abalamana no-Oscar bayabhoboka.

Ngesikhathi uSneha ephakamisa ukuba kumele bachithe isikhathi bendawonye, wanqaba, kutshelwa inkantolo.

Ngokuhamba kwesikhathi, u-Annai wamtshela ukuthi usefuna ukufaka isehlukaniso nomyeni wakhe.

Kodwa uSneha wameluleka ngokuthi bangayi eNingizimu Afrika ukuze bazame ukulungisa izinto kuqala.

Ngemuva kwesikhashana uthi wathola umyalezo ka-Anni umtshela ukuthi izinto sezingconywana nokuthi akasafuni ukudivosa, kubika i-IOL.

Icala liyaqhubeka ngoLwesibili.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 725 votes
No! It's time to move on ...
33% - 361 votes
Vote
Rand - Dollar
19.00
+0.1%
Rand - Pound
23.81
-0.0%
Rand - Euro
20.41
+0.0%
Rand - Aus dollar
12.44
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.5%
Platinum
926.80
+0.1%
Palladium
989.00
-0.2%
Gold
2,346.08
+0.6%
Silver
27.71
+1.0%
Brent-ruolie
89.01
+1.1%
Top 40
68,996
+0.8%
All Share
74,906
+0.8%
Resource 10
62,861
+1.2%
Industrial 25
103,533
+1.0%
Financial 15
15,824
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE