Johannesburg - Umshayeli wetekisi uMoshe Letsoalo wasemjondolo yase-Albert Luthuli eduzane naseDaveyton, eKurhuleni ubhekene nenkinga njengoba abagibeli betekisi yakhe nabanye abashayeli bamatekisi bethi une-HIV.
ULetsoalo uvuka nemiphumela ye-HIV eveza ukuthi anaso lesi sifo elibangise emsebenzini erenki yamatekisi.
Lo mshayeli uhlala ephethe imiphumela yakhe ngoba abantu balokhu bemkhomba bethi une-HIV.
ULetsoalo uthe inking yakhe yaqala ngesikhathi ethandana nentombzane enhle elokishini.
Funda nalolu daba: Ubanjwe nomuthi egcekeni lomuntu
“Ngakwazi ukunqoba inhliziyo yentombazane enhle kunawo wonke elokishini. Baningi ababefisa ukuba yimina bengibuza nokuthi ngayinqoba kanjani le ntombazane,” kusho uLetsoalo.
“Ngemuva kwalohko abantu baqala bangidlela umona, yilapho ke okwaqala khona amahlebezi athi ngine-HIV.
ULetsaolo uphinde wathi la mahlebezi asemkhiphe inyumbazane emphakathini kanti lokhu kuyamkhathaza.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.