isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Wenze adume ngakho uMalema

2012-08-23 16:36
Rustenburg - Uhulumeni akabenzelanga lutho abavukuzi abangu-34 ababulawa emayini eMarikana, kusho umholi we-African National Congress Youth League owaxoshwa uJulius Malema.

"Ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi kumele abantu bavikeleke kodwa uhulumeni nguye ophendukele abantu," kusho uMalema ngesikhathi ekhuluma nabantu ebebehambele inkonzo yesikhumbuzo eMarikana, eNorth West.

UMalema ugxeke uhulumeni wathi uthanda ukubukwa ngamakhamera, uthe uhulumeni ufika ngoba izinto sezonakele.

Ukhwele wadilika kusomabhizisinisi uCyril Ramaphosa wathi akasiqondi neze isimo, lokhu kulandela ukuthi uRamaphosa amemezele ukuthi inkampani yakhe iShanduka, izonikela ngo-R2 million kuze kuzongcwatshwa abashona.

"Lokhu akwenzayo kufana nokuthi, sizonibulala bese siyanigcwaba," kusho uMalema.

"Uhulumeni uhluleke wancama ukungenelela ngoba vele uyingxenye yezimayini. Thina sifuna uguquko futhi ngeke siliphonse ithawula."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)