Cape Town - I-Independent Electoral Commission (IEC) isikuqinisekisile ukusula esikhundleni kukaPansy Tlakula nobenguSihlalo wale khomishana eyongamele ukhetho kuleli.
Umbiko we-EWN uveze ukuthi isekela likaTlakula, uTerry Tselane, uthole incwadi yokwesula kukaTlakula ekuseni ngoLwesibili.
Iphephandaba iMail&Guardian ithi uTlakula usule ngemuva kokuzama ukulwa isikhathi esingangonyaka kulandela izinsolo ezithi akahambisanga izinto ngohlelo ngesikhathi eqasha ikomkhulu lale khomishana.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter